URamakgopa Uthi Imisebenzi Isiyabonakala Kolukagesi

Written by on 26 June, 2023

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthi mkhulu umsebenzi asebewenzile ukuqinisekisa ukuthi isimo sikagesi kuleli siba ngesejwayelekile.

URamakgopa uphawule kanjena esithangamini sabezindana ngezinhlelo zikahulumeni zokubhekana neLoadshedding.

INingizimu Africa isabhekene nenkinga yokucishwa kukagesi izikhawu nokudala omkhulu umonakalo kosomabhizinisi kanjalo nasekudaleni amathuba emisebenzi.

Muva nje uhulumeni umemezele ukuthi usezoyonana ugesi obalelwa ku-100 MegaWatts eMozambique.

URamakgopa uthi sekungcono manje ugesi awusahambi kakhulu njengoba bekwenzeka phambilini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background