URamaphosa Akagudluke Eskhundleni Uma Ehlulwa U-Eskom- ANCYL

Written by on 14 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

I-ANC Youth League (ANCYL) ithi uma umengameli uCyril Ramaphosa ehluleka ukuthathela labo abahola uEskom izinyathelo ezinqala kuzomele agudluke esikhundleni.

UEskom ubhekene nenkinga yokuhluleka ukuhlinzeka iNingizimu Africa ngogesi owanele nokuholela ekutheni izwe libhekane nesimo sokucishwa kukagesi izikhawu  ngaphansi kohlelo lweLoadshedding.

Namhlanje iNingizimu Africa isesigabeni sesithathu sokucishwa kukagesi okuzoqhubeka isonto lonke.

Ngokuthola kwabezindaba zeGagasi Fm uRamaphosa uzokhuluma nezwe maduze ngomhlahlandlela wakwaEskom.

Oyisikhulumi sohlaka lwesikhashana lweANC Youth League uSizophila Mkhize uthi alikho ikhaya elingenayo inhloko yakhona okumele ibhekane nezinkinga.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background