URamaphosa Ukhathazekile Ngempi Phakathi Kwe-Russa ne-Ukraine

Written by on 21 June, 2023

By: Sthulile Mdletshe

UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse amazwe iNetherlands neDenmark ukuthi asebenzisane ne-Ningizimu Afrika emizamweni yokuletha ukuthula phakathi kweRussia ne-Ukraine.

URamaphosa usho kanjena njengoba isaqhubeka impi phakathi kwalamazwe nesidlule nenqwaba yemiphefumulo yabantu.

ONdunankulu base Denmark nase-Netherlands bavakashele kuleli ngenhloso yokuzocobelelana ngolwazi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngempelasonto, uRamaphosa ubeyingxenye yethimba labaholi base Afrika ebebeyozama ukudala ukuthula phakathi kweRussia ne-Ukraine.

URamaphosa uthi yize bekholelwa ekutheni uhambo lwabo lube nomthelela kodwa kungalekelela uma ngase namazwe asentshonalanga ayeseke lemizamo yokuletha ukuthula kulamazwe asempini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background