URamaphosa Ulindeleke KwaKhethomthandayo

Written by on 17 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

UMengameli uCyril Ramaphosa namhlanje uzokwethula inkulumo ekhethekile yokuhlonipha nokuvalesisa uNgangezwelakhe, enkonzweni yesikhumbuzo KwaNongoma, enyakatho yekwaZulu-Natal.

ISilo samabandla sitshalwe ngendlela ehloniphekile izolo ebusuku phakathi kwamabili ,ngokulandela usiko lakwaZulu nezifiso sakhe.

Izolo izinkumbi zabantu kwaNonongoma zigcwale imigwaqo zadela imvula, zilindele ukudlula kwemoto ebithwele isidumbu sohlangalomhlabathi, zifuna ukuvalelisa kumholi wesizwe sonke sakwaZulu okokugcina.

Khonamanjalo uMeya wakwaNongoma uAlbert Mncwango uthi yize behlelile ukunqanda abantu ekutheni bahambele inkonzo yesikhumbuzo, kodwa kuzoba nzima ukuvimba abasuka kwezinye izindawo ezikude.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Abantu sebexwayiswe ukuba bangayi kwaNongoma ngenxa yobhubhane lwe COVID-19


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background