URamaphosa unxusa iDENOSA ukuthi izibandakanye kwizinxoxo zenqubomgomo.
Written by Phakeme Mnguni on 25 March, 2025
By: Buhle Mbhele
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi inyunyana yabahlengikazi iDENOSA kumele izibandakanye ezigxoxweni ezithinta ingqubomgomo emkhakheni wezempilo ukulekelela empini yokuqinisekisa inhlalakahle yonesi.
URamaphosa usho kanje ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni yeDENOSA yesi 9 eqhubeka eGoli namhlanje.
Uqhuba ngokuthi umnyango wezempilo kanye namakomidi ezifundazweni ezahlukene, nePhalamende yizindawo lapho lenyunyana ingagxila khona ukuze ikwazi ukuba nomthelela ezinqumweni ezithathwayo.
URamaphosa uthi izinselelo ezifana nemali kanye nokushoda kwezinsiza kusebenza ngezinye zezinto ekumele ithi iphela lengqungquthela abe esekhona amasu okuthi zingaxazululwa kanjani.
Lalela izindaba eziphelele:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.