URamaphosa Usamile Ekutheni Akaphulanga Mthetho

Written by on 21 November, 2022

By: Pamella Majola

IHhovisi likamengameli lithi uMengameli Cyril Ramaphosa usamile kwelokuthi akazange asephule isifungo futh liyaphika ukuthi unecala kuzona zonke izinsolo abekwa zona ngodaba lwasePhala Phala.

USomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula welule umnqamulajuqu waba yisonto elizayo ngoLwesithathu lapho ithimba elizimele lochwepheshe eliphenya ngokweba epulazini likaMengameli eLimpopo, iPhala Phala, kumele lethule umbiko walo.

Okhulumela umengameli, uVincent Magwenya,  uthi uRamaphosa uyawuhlonipha umthethosisekelo kanye nomthetho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background