URamaphosa Usememezele Ongqongqoshe Bakhe Abasha

Written by on 7 March, 2023

By: Bright Ntuli

Umengameli uCyril Ramaphosa usenze izinguquko ezikade zibhekwe ngabomvu kwikhabhinethi yakhe.

Ememezela lekhabhinethi izolo ebusuku umengameli uthi uyakuqonda ukuthi njengoba lekhabhinethi isisalelwe unyaka owodwa nje vo ehhovisi bekungeke kulunge uma enza izinguquko ezinkulu kakhulu.

Usekela mengameli we-ANC, uPaul Mashatile, usengusekela mengameli wezwe kanti uKgosientsho Ramokgopa uye owenziwe uNgqongqoshe kagesi.

Kwathi uPatricia de Lille yena wafakwa njengoNgqongqoshe wezokuvakasha.

URamaphosa uthi lezinguquko azenzile uzenze kuleyomnyango acabanga ukuthi ibidinga ushintsho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background