URamaphosa uthi abantu abehlise umoya balandele umthetho

Written by on 27 March, 2020

Njengoba isiqalile iLockdown eyamenyezelwa umengameli, uCyril Ramaphosa, ekubhekwe ukuthi inqande usabalala kwe coronavirus, izakhamuzi zisanxuswa ukuthi zisihloniphe lesikhathi sezinsuku ezingu 21 ezibekiwe zokuvalwa kwezwe.

Iningi lamabhizinisi, izitolo ezakha impahla, amafemu kanye nezinye eziningi zikumisile ukusebenza zithobela lomyalelo kamengameli.

Kanti ukuba wuvanzi emgwaqeni, uvakashele imizi yabantu uhambele nezinye izindawo singekho isidingo kungakubeka enkingeni enkulu nabomthetho.

Umengameli uthi njengoba abantu besezindlini nje mabaqhubeke nokulandela inhlanzeko.

Listen here:

https://iono.fm/e/837353

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background