URamaphosa uthi bayawahambisa amanzi emphakathini

Written by on 8 April, 2020

Umengameli, uCyril Ramaphosa, uthi icoronavirus isize kakhulu uhulumeni ukuba akwazi ukuhlinzeka imiphakathi emining ngamanzi.

uRamaphosa ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi ezohlola isikhungo esisabalalisa amanzi iRand Water eGoli.

Umnyango wezokusabalaliswa kwamanzi kuzwe lonke usuzibambele mathupha ukwenza lomsebenzi.

Imiphakathi iyalelwe ukuba igeze izandla okungenani imizuzu engu 20 ngensipho ukunqanda ukubhebhetheka kwaleligciwane.

uRamaphosa uthi angaphezu kuka 400 000 amaloli asabalalisa amanzi iNingizimu Africa yonke.

Khonamanjalo ungqongqoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, uthi ingalo yomthetho izoqina kakhulu kunakuqala kulabo abangafuni ukuthobela imithetho ebekiwe njengoba kuqhubeka ilockdown.

Namhlanje usuku lweshumi nantathu kwavalwa izwe.

uCele usehambele isifundazwe iMpumalanga ukuyohlola ukuthi iyathobelwa yini imigomo njengoba nezibalo zabasuleleka ngeCovid-19 nabashonayo zisaqhubeka zikhula.

Usexwayise nalabo abahamba begcogcoma bewuvanzi emphakathini.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background