URamaphosa uthi kungase kuqale phansi ukusabalala kwe covid-19 uma abantu benganaki

Written by on 10 September, 2020

Umengameli, uCyril Ramaphosa, uthi yize izibalo zikhomba ukuthi kuyehla ukusabalala kwegciwane iCovid-19 kulelizwe kodwa lokhu akusho ukuthi seliphelile noma ngeke lisagulisa muntu.

Usho kanjena ephendula imibuzo yabahleli bezindaba esithangamini se-SANEF ngezobuchwepheshe.

Lesithangami sinikeze abezindaba ithuba lokumbuza ngezinkinga ezahlukene ezikhona ezweni okubalwa ezomnotho, Covid-19, inkohlakalo, ezempilo, kanjalo nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besimame nabantwana.

URamaphosa uthi izakhamuzi kuzomele zikulindele ukuthi sizabakhona isigaba sesibili sokuvumbuka kokusabalala kwaleligciwane uma abantu bezithela ngabandayo ekulandeleni imigomo yokuzivikela.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

Khonamanjalo ungoti kwezepolitiki, uBheki Mngomezulu, uthi uhulumeni wenze iphutha ngokuqoka ongqongqoshe ukuthi kube yibo abaphenya ngenkohlakalo yamaPPE.

Umengameli uCyril Ramaphosa umemezele ithimba longqongqoshe eliholwa ngowezeobulungiswa, uRonald Lamula, nathi lizobheka ukuthi ingakanani inkohlakalo eyenzeke eminyangweni eyahlukene kahulumeni.

Iminyango eminingi isolwa ngokusebenzisa imali budedengu kanye nokunikeza amathenda ikakhulukazi ezinkampani ezisondelene nosopolitiki.

Kulesisifundazwe nje kumiswe abasebenzi bomnyango wezasekhaya, emvakuvela ukuthi basebenzisa imali elinganiselwa kuR-30 billion wamarandi ukuthenga izingubo ezazinikezwa labo abangenamakhaya.

uMngomezulu uthi ukunikeza ongqongqoshe lomsebenzi kufana nokuthela amanzi emhlane wedada.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Zilungile Mkhize & Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background