URamaphosa Uthi Kuningi Uhulumeni Asekwenzele Abantu Bakuleli

Written by on 22 March, 2023

By: Lindelani Mbatha

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi kuningi osekwenziwe kuleminyaka engu-25 yentando yeningi ukuzama ukuthuthukisa abantu bakuleli.

URamaphosa ubethula inkulumo yakhe kuzihambeli ezithamele ingqungquthela yezinsuku ezintathu, okuhloswe ngayo ukudingida ngomthethosisekelo wezwe eGoli.

Izolo iNingizimu Africa ibungaze usuku lwamalungelo abantu elishicilelwe kumthethosisekelo wezwe.

URamaphosa uthi ukuhlinzeka izakhamuzi ngemali yesibonelelo, izindlu zomxhaso kanjalo nosizo lwemfundo kuwuphawu lokwenziwa nguhulumeni ukuthuthukisa abantu bakuleli.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background