URamaphosa Uthi Kuyilungelo Lawo Wonke Umuntu Ukuthola Amanzi

Written by on 12 December, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi wonke umuntu wakuleli kumele awathole ngasosonke isikhathi amanzi ngoba ayilungelo.

URamaphosa ubekhuluma namalunga omphakathi osekuphele isikhathi eside eswele amanzi eLimpopo.

INingizimu Africa ibhekene nenkinga yokusweleka kwamanzi okunye kwakho okudalwa ukuguga kwamapayimi kanye nokucisha kukagesi izikhawu iLoadshedding.

Izibalo zakamuva zabakwa-Stats SA ziveza ukuthi u-19% wabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya abanawo amanzi.

URamaphosa ke uthi uhulumeni wakhe  uyazama ukulungisa lendaba yokushoda kwamanzi kuleli.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background