uRhulani Mokwena ulindele uPercy Tau owehlukile uma sebebhekene ne-Al Ahly.

Written by on 10 March, 2023

BY: Simtho Dladla

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena unovalo oluncane ngobungozi obungeza noPercy Tau weAl Ahly emdlalweni weCaf Champions League ngoMgqibelo eLoftus Versfeld.

UMokwena noTau basebenze ndawonde kuSundowns ngesikhathi inqoba iCAF champions League kanjalo neDSTV Premiership ngaphambi kokuthi ashuye kuleliqembu laseChloorkop.

Uthi kuzoba nzima kakhulu kubadlali bakhe ukunqanda uLion of Juda, kwazise usehluke kakhulu kunakuqala kanti useshintshe nenendawo adlala kuyona ngaphansi komqeqeshi omusha weAl Ahly, uMarcel Koller.

Lamaqembu adlale ngokulingana emasontweni amabili edlule nokushiye AmaSandawane enamaphuzu ayisiskhombisa emdlalweni emithathu asebeyidlalile kulomqhubedlwano.

I Al Ahly itheleke kuleli ngoLwesithathu kanti ayikaze inqobe nowodwa umdlalo eNingizimu Afrika, kanti uMokwena uthi uyabazi ubunzima bokubhekana naleliqembu eselibe ngompetha baseAfrica amahlanga alishumi.

image: Backpagepix

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background