uSASSA Uchitha Eyesibonelelo sika R3500

Written by on 4 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Isikhungo esibhekelele ukusabalaliswa kwezimali zezibonelelo zikahulumeni, iSASSA, sithi awusilo iqiniso umbiko ozungeza ezinkundleni zokuxhumana othi abantu abangayiholi imali yesibonelelo futhi abangasebenzi bazothola R3 500.

Lombiko uthi lemali izokhishwa uSASSA kanti kubhekwe ukuthi isize izakhamuzi ezingasebenzi ngalesikhathi seCOVID-19.

Okhulumela iSASSA, uPaseka Letsatsi, uthi lombiko awusilo iqiniso futhi unobungozi njengoba uyalela abantu ukuba balandele imiyalelo ethize, badalule nemniningwano yabo eyimfihlo, njengama ID, izinombolo zamakhadi akwa SASSA nokunye.

Uthi bona njengesikhungo abasoze batshela amakhasimende abo ukuthi babhalisele imali ngaloluhlobo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background