Usathuthumela Umndeni Wobulawe Ekhishwa Amadimoni

Written by on 7 June, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Ungqgongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kulesfundazwe uNonhlanhla Khoza uthi usashaqekile ngesenzo sokubulawa ngesihluku kwentombazane eneminyaka engu 17 ubudala eshaywe uMfundisi yaze yashona ngoba ethi uyikhipha amadimoni endaweni yase Port Edward kwaNzimakwe eNingizimu yeKwaZulu-Natal.

UThozama Sonjica kanye nezinye izingane ezingu 4 ezineminyaka ephakathi kuka 16 no17 bahanjiswe abazali babo kumfundisi webandla le United Zion khona endaweni emva kokuthi besole laba bantwana ngokuthi bayahlupha.

Ngokuchaza kwelungu lomndeni, uMxolisi Jula, uThozama kanye nalezingane, bavalelwe yilomfundisi izinsuku ezintathu endlini ebabophe izandla ngentambo waphinde wabafaka nosawoti emakhaleni ethi ubakhipha amadimoni ebancisha nokudla.

UThozama nobeshawa kakhulu ngoba kusolwa ukuthi nguye onamadimoni anamandla ubebhaxabulwa engagqokile kwesingenhla kanti ugcine ngokuthi ashone nomzimba omabokoboko ngenxa yokushaywa.

Ekhuluma ngenkathi evakashele lomndeni uKhoza uthi izehlakalo ezifana nalezi azamukelekile kanti abantwana kumele bavikelwe ngaso sonke isikhathi.

UKhoza usebeke kanje:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background