Usazobhadla Ngaphakathi U-Mafe

Written by on 31 May, 2022

By: Zilungile Mkhize

Asephinde ashabalala amathemba okudedelwa nge bheyili kumlisa osolwa ngokuthungela izindlu zePhalamende ngomlilo uZandile Mafe, njengoba inkantolo yamajaji eKapa nayo inqabile ukumdedela.

U-Mafe ubefake isicelo sebheyili kulenkantolo, emuva kokuthi isicelo sakhe singaphumelelanga ngesikhathi amajaji amabili ephuma nezinqumo ezahlukene ngenyanga edlule.

Ummeli kaMafe, uDali Mpofu, uthi isicelo sakhe sebheyili kufanele sicutshungulwe kabusha njengoba evume ngaphansi kwesifungo ukuthi waphoqwa ukuthi abhale isitatimende esingesilo iqiniso ngokwenzeka.

Amajaji amabili kwamathathu izolo anqume ukuthi kumele agcinwe ngaphakathi ejele ngesikhathi kuqulwa icala lakhe.

U-Mafe waboshwa ngemuva nje komonakalo omkhulu owabakhona kusha iPhalamende ekuqaleni kwalonyaka.

U-Mpofu, usetshele inkantolo ephakeme eWestern Cape, ukuthi ukubambezeleka kokuqulwa kwecala lika Zandile Mafe kuwukuphula amalungelo akhe njengoba namanje engayitholole ngisho ne bheyili.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background