Usekhale Ngaphansi Futhi u-Mkhwebane
Written by Mfundo on 2 February, 2022
By: Zilungile Mkhize
INkantolo yokudluliswa kwamacala isichithile isicelo somvikeli womphakathi u-Busisiwe Mkhwebane, sokudlulisa isinqumo esakhishwa yiPretoria High Court ngo-2020, mayelana nombiko wakhe nge Rogue Unit.
Inkantolo yathola ukuthi lombiko owawuthinta loluphiko olwalusebenza ngokuyimfihlo, wawufana nje nenganekwane engenasiqiniseko nobufakazi.
UMengameli we-Supreme Court of Appeal, uMandisa Maya, izolo ukhiphe isinqumo sokuthi akukho okuhlukile okulethwa uMkhwebane ngalombiko, nokungaholela ekutheni avumele ukuthi kubuyekezwe isinqumo asithatha ngo-2020.
Amajaji amathathu e Pretoria High Court achaza nangemiphumela yalombiko kaMkhwebane owawuthinta nezinsolo zokuthi ungqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordan, nguye owagunyaza ukuthi kukhokhwe impesheni yephini likaKhomishana wakwaSARS, u-Ivan Pillay isikhathi somhlalaphansi singakafiki.
Lamajaji athi nalapho abukho ubufakazi eza nabo.
Ihhovisi likaMkhwebane lithi usazothola izeluleko zomthetho ngalesinqumo senkantolo sakamuva.