Usekhale Ngaphansi uMaDlamini Enkantolo
Written by Mfundo on 2 March, 2022
By: Zilungile Mkhize
Inkantolo ephakeme yaseMgungundlovu isisichithile isicelo sikaNdlunkulu weSilo uSibongile MaDlamini-Zulu sokuba inkantolo ibeke phambili umshado wakhe neSilo njengomkhulu ukudlula abanye oNdlunkulu beSilo esesabunza uZwelithini.
Lezicelo zithinta leloso esafakwa undlunkulu wokuqala yeSilo esesakhothama uGoodwill Zwelithini, ofuna inkantolo ukuthi igunyaze ukuba athole ingxenye engu 50% wamafa ashiywa umyeni wakhe.
U-Ndlunkulu uSibongile Dlamini-Zulu, uthi nguyena yedwa owashada ngokomshado we-Civil Union, ophoqa ukuthi athole ingxenye yefa lomyeni wakhe.
Isicelo sesibili ekubhekwe ukuthi sikhishwe iJaji uIssac Madondo, ileso esafakwa amandodakazi ka Dlamini-Zulu uNtandoyenkosi kanye no Ntombizosuthu Zulu-Duma, abafuna inkantolo ichithe incwadi yamafa besola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngama signature asayindwa kulencwadi.
U-Madondo usesischithile lesicelo, wabe esemuyalela nokuthi akhokhele izindleko zabo bonke abammeli abebeyingxenye yalelicala.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.