Usemkhulu Umthwalo Osemahlombe ka-Ramaphosa

Written by on 7 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi kuyomele achaze kabanzi umengameli uCyril Ramaphosa uma engathatha isinqumo sokungaqoki uMandisa Maya njengenhloko entsha yamajaji akuleli.

Ikomidi ebeliqokelwe ukuba liqhube inhlolokhono yalesisikhundla liphakamise uMaya njengofanele ukusiqhoqhobala.

U-Maya nongumengameli wamajaji enkantolo enkulu yokudluliswa kwamacala, ubeqhudelana nejaji lenkantolo yomthetho sisekelo uMbuyiseli Madlanga, umengameli wamajaji eseGauteng uDuston Mlambo kanye nenhloko yamajaji esabambile uRaymond Zondo.

Konke manje sekusele ku-Ramaphosa ukuthi amemezele ukuthi uyamqoka yini uMaya noma uqoka omunye phakathi kwalaba abathathu abanye.

uZikalala uthi noma umengameli enamandla okuqoaka noma ngubani angathanda ukuba abe yinhloko yamajaji kodwa njengoba sekuphakeme igama likaMaya, kumele esale eseqoka yena.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background