Usenkantolo Owayengu Ngqongqoshe Ngecala Lokuhubhuza Amanga Kwi-Jaji

Written by on 24 November, 2021

By: Pamella Majola

Owayengu ngqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uBathabile Dlamini useliphike icala abhekene nalo lokuqamba amanga phambi kwejaji.

U-Dlamini usevele enkantolo kamatshi eGoli ngezinsolo zokuthi wahubhuza amanga yize ayefunge ukukhuluma lonke iqiniso ngendima yakhe ezinkingeni ezabakhona ngohlelo lokukhishwa kwezibonelelo zikahulumeni ngo-2017.

Ngalesosikhathi uDlamini wayesangu nqgongqoshe, kanti wethula ubufakazi enkantolo yomthethosisekelo, nalapho kwatholakala khona ukuthi waqamba amanga enkulumweni yakhe.

Lelicala selihlehliselwe usuku lwakusasa.

Okhulumela uphiko lwezokushushisa iNPA, uPhindi Mjonondwane ubeka kanje.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background