Useqalile Ufakazi Wokuqala Kwelika-Meyiwa
Written by Mfundo on 26 April, 2022
By: Bright Ntuli
Ufakazi wokuqala ecaleni lokubulawa kukaloyo owayengukapteni we-Bafana Bafana uSenzo Meyiwa usetshele inkantolo ukuthi ngenkathi efika endaweni yesigameko, kwasekukhona abasebefike kuqala.
U-Thabo Mosia oyiphoyisa, usho kanje ngenkathi ethula ubufakazi bakhe kulelicala eliqhubeka eNorth Gauteng High Court.
U-Mosia ungelinye lamaphoyisa afika kuqala endaweni yesigameko, nafika aqoqa ubufakazi emva kokudutshulwa kuka Meyiwa.
U-Meyiwa wadutshulwa wabulawa ngo 2014 ngenkathi evakashele intombi yakhe engumculi wakuleli uKelly Khumalo, ekhaya kubo eVosloorus.
Khonamanjalo, uMosia uqhuba ngokuthi uzobuye ayilandise inkantolo ngokuphazanyiswa kobufakazi okwenzeka endaweni yesigameko.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.