Usethelekile Kwelika Mthaniya u-Mswane

Written by on 4 February, 2022

By: Sphelele Nzuza

U-Mayor womasipala iKing Cetshwayo enyakatho yeKZN, uThami Ntuli usechaze uMiss South Africa uLalela Mswane njengomuntu onesibindi futhi ozethembayo.

Izintombi ngaphansi kwalomkhandlu bezibulala inyoka njengoba zithe chithi saka esikhumelweni sezindiza King Shaka International Airport, ukuyokwamukela okokuqala lo zime ophuma ukuyoqhudelana nonobuhle bakwamanye amazwe, eIsrael emncintiswaneni ka Miss Universe.

Ekhuluma nabezinda ngaphandle kwalesikhumulo sezindiza, uNtuli uthi kuningi kakhulu intsha engakufunda kuMswane, okumanje osagcine nobuntombi bakhe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

U-Mswane naye, usebabaze uthando lokwesekwa umasipala kanye nezintombi nto nathi kuyinto angeke aphinde ayikhohlwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background