UShenge Uchaza Ngemhlangano WaseNdlunkulu

Written by on 24 March, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNdunankulu waKwaZulu, Inkosi uMangosuthi Buthelezi, uthi indlunkulu izolinda kuze kudlule isikhathi sokuzila ngaphambi kokuthi imemezele ozohola isizwe samaZulu.

uButhelezi ubekhuluma nabezindaba emva komhlangano wamalunga omndeni esigodlweni kwaKhethomthandayo kwaNongoma, enyakatho yesifundazwe.

Lomhlangano ubuhanjelwe ngamalunga omndeni angaphezulu kuka-250, abezodingida ngenqubekela phambili emva kokukhothama kweSilo.

UNdlunkulu, uMantfombi LaDlamini-Zulu, nguye okhethwe ukuba abambe lesisikhundla okwesikhashana, njengoba umndeni usazozila izinyanga ezintathu.

uButhelezi uthi indlunkulu isicele ukuba inikezwe isikhathi sokuba izile, kodwa umphakathi usungaqala wenze imisebenzi obuyihlelile, ikakhulukazi ethinta inhlabathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background