UShenge Uthi Abangamubheci Ngobende Inyama Engayidlile

Written by on 5 May, 2021

By: Bongani Gina

UNdunankulu weSizwe samaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, uthi uma uMntwana uMbonisi noMntwana uThembi benesifiso sokuqhatha isizwe abangakwenzi lokho besebenzisa igama lakhe.

UShenge uthi laba baNtwana bebekhala ngokuthi uyena obaqhatha nezwe ngenkulumo ethi iNdlovukazi ekhotheme yadliswa.

Uthi kuze kube yimanje ayikaziwa imbangela yokudlula kwa MaDlamini kuze kube kubuya imiphumela yokuhlinzwa kwesidumbu kulandela ukuhlolwa kwaso.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

UButhelezi uthi akaze abize muntu ngomthakathi ebukhosini bakwaZulu, kanti usegxeke umntwana uThembi kanye nomntwana uMbonisi ngenkulumo yabo kwabezindaba ethi ubaxabanisa nesizwe samaSwati ngokuthi athi indlovukazi yadliswa ushevu.

UMntwana kaPhindangene uthi yena ubezikhulumela into eyaziwayo emndenini futhi akabizanga gama lamuntu.

Uqhuba ngokuthi usehlalele ethembeni njengoba umzimba weNdlovukazi uhlinziwe kuzobuya imiphumela yokuthi yabulawa yini.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background