Usihlalo Wendlu Yobukhosi Bendabuko Uthi Akazi Lutho Ngomhlangano Asolwa Ngokuwumisa

Written by on 25 May, 2023

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo wendlu yobukhosi bendabuko KwaZulu-Natal, uSifiso Shinga, usezichithile izinsolo abekwa zona zokuvimbela amakhosi ukuba abe yingxenye yomhlangano obizwe uNdunankulu kaZulu uMangosuthu Buthelezi.

Izolo kusabalale amahlebezi okuthi uShinga usethumelele izinkosi ama-SmS okuba angalinge alubhade kulomhlangano okulindeleke ukuba ubanjelwe eMpangeni kusasa.

Esitatimendeni esineLogo yehhovisi likaNdunankulu kaZulu kuvele ukuthi umtwana wakwaPhindangene uzwakalisa ukukhathazeka ngokuthiwa kwenziwe usihlalo wamakhosi.

UButhelezi uphinde wasola nomnyango wakwaCogta ngokugxambukela kungafanele ezindabeni ezithinta ubukhosi.

Inkosi uShinga uthi kumthuse kakhulu ukuthi usolwa ngokumisa umhlangano angawazi nokuthi uzokhuluma ngani.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background