Usihlalo weSCOPA Uphawula Ngokusebenza Kwehhovisi LikaMcwaningi Mabhuku

Written by on 24 November, 2020

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo wekomidi elibhekelele ukusebenza kwezimali zomphakathi iScopa uMkhuleko Hlengwa uthi iphalamende kumele lisebenze kanizima ukuvikela abasebenzi behhovisi likamcwaningi mabhuku jikelele.

uHlengwa ubekhuluma namalunga ephalamende ngesikhathi kuholonishwa, lowo obengumcwaningi mabhuki jikelele uKimi Makwetu.

Udlule emhlabeni ngesonto eledlule kanti bese kusondele isikhathi sokuphela kwehlandla lakhe ekupheleni kwalenyanga.

Umengameli uCyril Ramaphosa useqoke uTsakani Maluleke njengomcwaningi mabhuku jikelele nokulindeleke ukuthi aqale umsebenzi wakhe ekuqaleni kwenyanga ezayo.

uHlengwa uthi uMakwetu ubeke ihhovisi likamgcinimafa ebalazweni.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background