uSimelane Zulu usenxuse abantu ukuba bahlolele isifo somdlavuza

Written by on 21 October, 2019

By Sthulile Mdletshe

 

uNgqongqoshe Wezempilo kulesfundazwe, uNomagugu Simelane Zulu, usenxuse imiphakathi ukuthi iqinisekise ukuthi iyasihlolela isifo somdlavuza.

Ukusho lokhu njengoba uNovemba umenyezelwe njengenyanga yokuqwashisa ngomdlavuza, kanti uthi uma umdlavuza usheshe watholakala kulula ukuthi ulashwe.

Uqhuba ngokuthi ngesikhathi esiningi isizwe esimnyama siyaye sigijimise imithi yesintu okwenza kube nzima ukulapha lesisifo uma kade sesaba khona.

Listen here:


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background