Usizi Belala Komakhelwane e-PMB

Written by on 14 April, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Eminye yemindeni ewelwe izindlu ngenxa yezikhukhula emijondolo INkululeko eNorthdale eMgungundlovu, ithi isele dengwane njengoba ingenayo ngisho indawo yokulala emva kokuwelwa izindlu.

Lemindeni okukhona nosana olunezinyanga luzelwe ithi kumanje incike komakhelwane ukufihla ikhanda ngoba indawo yokulala ayinayo kanti nempahla yayo nayo ilimele.

Indawo yase Northdale ingenye yezindawo ekhahlamezwe kakhulu izikhukhula, ikakhulukazi imizi eyakhiwe ngodaka.

Imindeni ebe izisulu ihleli ngaphandle ngoba ithi ayikwazi ngisho ukuqala ilungise izindlu ngenxa yokuthi umonakalo mubi kakhulu futhi udinga ukuthi uhulumeni angenelele ukusiza.

Bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM mayelana nesimo ababhekene naso kanye nokwenzeka lapho kuwa izindlu zabo, basho kanje:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background