Usizo Lukhona Kwabaphila ne-Bipolar

Written by on 30 March, 2021

By: Bright Ntuli

Inhlangano ebhekele abaphila nokhwantalala kanye nexhala ithi imishanguzo ibalulekile ekulawuleni izifo eziphathelene nengqondo ikakhulukazi lezo ezinzima njenge Bipolar.

iSouth African Depression and Anxiety Group isho kanjena njengoba namhlanje kuwusuku lokuqwashisa nge Bipolar emhlabeni jikelele.

Balinganiselwa kwabangaphezu kuka 4 million abantu abaphila nalesifo kuleli, kanti ongoti bathi nakuba ezemvelo zinawo umthelela ekutheni abantu baphathwe yilesifo kodwa abangu 70 kuya ku 90 kwabangu 100 abanaso, basithola ngenxa yofuzo.

Owe-SADAG, uCassey Chambers, uthi umphakathi uvamisile ukuthi ungabaqondisisi abantu abanalesifo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background