Usolwazi Uthi Isiwombe Sesithathu seCOVID-19 Sisemome
Written by Mfundo on 11 May, 2021
By: Zilungile Mkhize
Usolwazi ngezifo ezithathelanayo, uSalim Abdool Karim, uthi usemkhulu kakhulu umsebenzi okusamele wenziwe yilelizwe ukugwema ukubheduka kwehlandla lesithathu le COVID-19.
U-Abdool Karim uthi uma ebheka isimo seCoronavirus njengamanje kulelizwe, kubukeka lesisiwombe sesithathu siza kancane kancane nakuleli.
Usho kanjena nje, umnyango wezempilo ugcine usukuqinisekisile ukuthi sezifikile nakulelizwe izinhlobo zeCOVID-19 ezitholakala e-India nase United Kingdom, nosekuthuse abaningi njengoba nohlelo lokugoma izakhamuzi lungakaqali, kusagonywa abasebenzi bezempilo nje.
uAbdool Karim uthi okumele kwenziwe manje, ukukhuphula amasokisi ekuzivikeleni ngezifonyo bangabi sezixukwini, futhi kukhuthalelwe nenhlanzeko.
Uthi kumele engabe sekugonywe izigidi zabahlali manje, njengoba esakhona namathuba okuthi uhlobo lwegciwane olutholakala kuleli lungase lushinsthe futhi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.