uSomlomo Ufakaza Kukhomishana kaZondo

Written by on 19 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

Usomlomo wephalamende, uThandi Modise, uthi amakomidi abo anawo wonke amandla okuphenya kanye nokujezisa labo abasolwa ngenkohlakalo.

uModise wethula ubufakazi kukhomoshana kaZondo ephenya istate capture, ngezinsolo zephalamende zokwehluleka ukubhekana ngqo nemibiko yokubhozonyelwa kombuso.

Iphalamende linamakomidi ayoyonke iminyango kahulumeni kanjalo nalawo abhekelele ukusetshenziswa kwezimali.

Lamakomidi yiwo aqinisekisa ukuthi ongqongqoshe abahlukene bayavela ukuzokwethula asebekwenzile nabasazokwenza.

uModise uthi ngesikhathi kuvela izindaba zeState Capture, kufuze engabe amakomidi aziphenya lezinsolo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background