USthole-Moloi Ukhuthaza Ukulima Nokutshala EKZN

Written by on 25 October, 2022

By: Bright Ntuli

Umnyango wezoLimo KwaZulu-Natal sewethule ngokusemthethweni iskhathi sokutshala ku-ward 5 eBhamshela ngaphansi kukaMaspala, iNdwedwe, enyakatho yesifundazwe.

Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM ungqongqoshe wezolimo KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi, osabambele ungqongqoshe walomnyango, uPeggy Nkonyeni, uthi inhloso yaloluhlelo ukulekelela imindeni ukuthi ixoshe ikati eziko.

Abalimi bakuleyandawo kanye nama co-operatives sebexhaswe nangembewu, umanyolo kanye nezinye izinsiza.

USithole-Moloi uqhuba ngokuthi ngale kokuthi abantu balime bakwazi ukuthi badle nemindeni yabo kodwa uhulumeni wesfundazwe unazo nezinhlelo zokulekelela labo abafuna ukudayisa izitshalo zabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background