USthole-Moloi Unxusa Abalimi Ukuthi Bathobele Umthetho

Written by on 23 August, 2022

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe weZolimo esifundazweni saKwa-Zulu Natal, uBongi Sithole-Moloi, usenxuse abafuyi ukuthi balandela umthetho obekwe nguhulumeni wokuthi kume ukudayiselwana kwemfuyo njengoba kuhlasele isifo samatele.

UMoloi uthi emva kokuthi izifundazwe ezingu 6 kutholakale ukuthi izinkomo zihlaselwe isifo samatele uNgqongqoshe weZolimo kuzwelonke, uThoko Didiza, ube esethatha isinqumo sokuthi kumiswe ukudayiselwana kwezinkomo kanti nokubonakala kwezinkomo zisemotweni zemfuyo akuvumelekile.

UMoloi ube esevakashela umphakathi wakwaNyuswa ngaphansi kukamasipala weTheku nalapho eqale khona umkhankaso wokuqwashisa ngobungozi balesi sifo kwaphinda kwajovwa nezinkomo.

Abafuyi bakule ndawo nabo babalwa njengabanye abakhahlamezwe ilesifo njengoba kutholakale ukuthi sezikhona izinkomo esezithole amatele.

UMoloi uthi abantu kuzomele baqaphele futhi bagome nezinkomo ukuzivikela ukuthi zingangenwa yilesi sifo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background