Usubuyile e-Germany Umshini Wezincwadi Zokushayela

Written by on 26 January, 2022

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe wezokuThutha u-Fikile Mbalula usememezele ukuthi izwe selizokwazi ukuphinde likhiqize izincwadi zokushayela njengoba umshini usulungisiwe.

U-Mbalula uthi ukusebenza sekuzobuyela esimweni kanti neqoqo lokuqala lwama licence ebelindile, lisendleleni.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi umshini wokukhiqiza izincwadi zokushayela uthunyelwe eGermay ukuze uyolungiswa, ngemuva kokuphuka kwawo ngonyaka owedlule.

U-Mbalula uthi njengamanje abasebenzi bazongena ngokudedelana ebusuku kanye nasemi ukuqinisekisa ukuthi uyaphunguleka umsebenzi obusumile isikhathi eside.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background