Uthelwe Ngemvula Yezinhlamvu Usomatekisi

Written by on 17 November, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezokuthutha kulesifundazwe uPeggy Nkonyeni usenxuse amaphoyisa ukuthi asebenze ngokungenamkhawulo ukuqinisekisa ukuthi izinkabi ezisoconga osomatekisi zikhalelwa ngamasongo kasigonyela.

U-Nkonyeni usho kanje kulandela ukubulawa kukasomatekisi wase-Pinetwon, ngaphandle kweTheku.

Ngokombiko wamaphoyisa umufi ubehamba ngemoto yakhe ngenkathi ehlaselwa ngabasolwa abebehamba ngenye imoto, nabavele bamqotha ngemvula yezinhlamvu.

Aqhuba ngokuthi umufi udubuleke amahlandla amaningi ebusweni kanye nasekhanda washonela khona endaweni yesigameko.

Oyisikhulumi somnyango wezokuthutha uKwanele Ncalane uthi lesigameko siza nje kusanda kubulawa izelamani ebezishayela amabhasi eNdwedwe enyakatho yeTheku, umqashi wazo naye obulawe ngenyanga eyedlule.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background