Uthweswe Amacala Amabili Umshayeli Owaminzisa Itekisi

Written by on 30 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umshayeli wetekisi elimuke nabantu ngesikhathi ezama ukuliwelisa ibhuloho elincane eWeenen maphakathi nesifundazwe ngempelasonto, usethweswe amacala okubulala ngokungenhloso nokushayela ephuze amponjwana.

Lomlisa usevele kafushane enkantolo kaMantshi eColenso ngolwesibili ntambama.

Abantu abangu 11 nokubalwa naye umshayeli, bakwazile ukuphuma kulelitekisi ebese limuka nomfula, bayothola ukuphepha.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbhele uthi amaphoyisa atshuzayo asetakule isidumbu sesibili kulabo abangakwazanga ukuphuma ngesikhathi, kanti kusasele ezinye zababili futhi ezingakotholakali.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background