Uvalo Ngezibalo ze COVID-19 Ezinyukayo
Written by Mfundo on 25 November, 2021
By: Pamella Majola
Isikhungo esicwaninga ngezifo ezithathelanayo iNICD, sithi sesiqala ukwenyuka ngamandla isibalo sabantu abatheleleke nge COVID-19 kulelizwe.
Izibalo ezintsha zikhomba ukuthi kusuka izolo kuza namuhla abantu abangu 1175 sebetheleleke ngalesisifo.
I-Gauteng iyona ephambili ngezibalo eziphezulu zabasulelekile emahoreni angu 24 adlule, ilandelwe iWestern ngo 5 bese kuza iKZN.
Khonamanjalo, inhlangano yezempilo emhlabeni iWHO, isizwakalise ukukhathazeka ngokuhamba kancane kwezinhlelo zemigomo eAfrika, njengoba echaza uTedros Ghebreyesus unobhala walenhlangano.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.