Uvalo Ngohlobo Olusha lwe COVID-19, i-Lambda
Written by Mfundo on 7 July, 2021
By: Sthulile Mdletshe
I-National Institute for Communicable Diseases (NICD) ithi uhlobo olusha lwe-COVID 19 olaziwa nge-Lambda iza nobungozi obukhulu emhlabeni wonke jikelele.
Leligciwane liqale ukubonakala ePeru okumanje libhebhethekisa okomlilo, njengoba selikhonjwa naseBrithani.
Ucwaningo lwe-NICD luveza ukuthi leligciwane lizishintsha njalo ngakhoke angeke kubelula ukubhekana nalo.
Emahoreni angu-24 adlule kuleli bangu-457 abantu abashonile ngenxa yezifo ezihlobene neCoronavirus, nosekubeke isibalo sabantu abashonile kuzwelonke ku-62 628.
Ongumqondisi osabambile ka-NICD, uAdrian Puren, uthi kuzobanzima njengoba lelizwe lisabhekene nokubhebhetheka kohlobo lweCOVID-19 i-Delta, nokuyilo oseluholele ekutheni leligciwane libhebhetheke ihlandla lesithathu kulelizwe.