Uvalo Ngohlobo Olusha Lwe COVID-19 Oselufike Kuleli

Written by on 26 November, 2021

By: Bright Ntuli

Ongoti bezifo ezithathelanayo bathi bakhathazekile ukuthi imigomo ye Covid-19 ingase ingakwazi ukulwa nohlobo olusha lwaleligciwane oselutholakale kuleli.

Okwamanje ososayensi bathi kusasekuseni ukuthi bangasheshe baqagule ukuthi le-Variant entsha yelesifo, iB.1.1.529, izokwenza umonakalo ongakanani.

Izibalo zasebetheleleke ngalesifo naso seziqala ukwenyuka njengoba kubhekwe emaholidini ka-December ongoti abaxwayisa ngokuthi ingase iqale ngawo le-4th wave.

UNgqongqoshe wezempilo kuzwelonke uJoe Phaahla usetshele isthangami sabezindaba ukuthi lokwenyuka kwezibalo kudalwa yiyo le-variant entsha.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background