Uvuke Umbhejazane Umphakathi Wase-Mbali EPMB Ngenxa KaGesi
Written by Mduduzi Phungula on 31 May, 2023
By: Nompendulo Ngubane
Abahlali base-BB eMbali Pietermaritzburg, maphakathi nesfundazwe iKwaZulu-Natal abahanjelwe ugesi bathi ukungaxhumani nobuholi bendawo mayelana nezinkinga ababhekene nazo yikho okwenze ukuthi babambe umbhikisho emgwaqeni.
Labahlali bathi sekuphele amasonto amathathu bengenawo ugesi.
Kanti sebegxeke ikhansela ngokungezi kubo ukuzobachazela ngenkinga ekhona njengoba bethi livele labathumela incwadi kuphela.
Ukhuluma nezindaba zeGagasi FM lomphakathi osuvale umgwaqo uWillowfontein uthi ufuna ugesi kanjalo nencazelo mayelana nemali okuthiwa kumele uyikhokhe ngoba usolwa ngokuthi ugesi awuwukhokheli, uyawuntshontsha.
[VIDEO] Umphakathi waku-Ward 17 eMaritzburg, Imbali Unit BB usuvale thaqa umgwaqo uWillowfontein ukhala ngokungabi nawo ugesi nosekuphele isikhathi esingaphezu kwamasonto amathathu emva kokuqhuma kwesigubhu esiphakela ugesi emphakathini. #GFMNews
📹: Nompendulo Ngubane pic.twitter.com/nnJnDO9Xg7
— Gagasi FM News (@GagasiFMNews) May 31, 2023
Lithintwa ikhansela lendawo uMphilisi Ndlovu ukuze liphawule lithumele umyalezo okhombisa incwadi ebisho ukuthi lisemhlanganweni obizwe ngumasipala.