Uvutha Ungabaselwe Umphakathi Ofuna Izimfuno Zawo

Written by on 27 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umphakathi wasemijondolo ikwaMsuthu, eClare Estate kuWard 25, uthi uzoqhubeka nokuvala umgwaqo uma izimfuno zabo zingabhekelelwa.

Lomphakathi uvale umgwaqo ngamathayi avuthayo kanjalo nemfucuza, ukhala ngokungalethelwa othayela bokuvusa imijondolo yabo eyasha engaphezu kuka-140.

Lemijondolo ishe ngoLwesithathu olwedlule.

Lomphakathi uthi okubaphatha kabi kakhulu ukuthi abantu beminye imijondolo eshe ngoLwesine ngesonto eledlule basheshe balithola usizo kodwa bona basala ngaphandle.

Umasipala ubungakatholakali ukuphawula ngaloludaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background