Uyanyuka u-Petrol Ebusuku

Written by on 1 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomnotho uJabulani Khanyile uthi into eyenza ukuthi upetrol unyuke kakhulu kuleli yingoba uhulumeni ufuna ukuhlomula kakhulu kuwo.

U-Petrol kulindeleke ukuthi wenyuke ngo-53c phakathi kwamabili, bese ukuthi udiesel wona wenyuke ngo-80c ilitha, kanti uparafini wona uzonyuka ngemali ephezu kuka-R1.

Ekuqaleni kwenyanga eyedlule u-petrol wathi ukwehla kancane ngo-68c, emva kokunyuka ngo-81c ngoDecember.

Kwezinye izindawo abashayeli bazokhokha imali engaphezu kuka-R20 ilitha lika petrol bese kuthi bakhokhe uR19, 42c ku-diesel.

U-Khanyile uthi ukuba uhulumeni akahlose kuhlomula kakhulu, ngabe u-petrol ubiza kangcono kunalokhu okwenzeka manje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background