Uyaqhubeka umbango wobukhosi bakwaSimelane

Written by on 26 February, 2020

Indlu yobukhosi besizwe sakwaSimelane Ophongolo eNyakatho yesfundazwe, ayikakakwazi namanje ukukhetha inkosi entsha ngenxa yokungaboni ngasolinye ngokufanele athathe izintambo zalobu bukhosi njengoba inkosana isencane futhi isafunda isikole.

Lombango uqubuke ngemuva kokukhothama kwenkosi yalesizwe, uBhekisizwe Simelane, ngemva ngokugula ngonyaka odlule.

Loludaba luke lwangenelelwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, lwangalunga njengoba seluke lwaya naseNdlunkulu kaZulu.

Okhulumela lobu bukhosi, uBonomunye Simelane, ucacisa ngalombango.

Listen here:

By: Mthokozisi Manqele


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background