UZandile Gumede useyilungu le S’shayamthetho

Written by on 19 August, 2020

Obeyimeya yeTheku nosabhekene namacala enkohlakalo, uZandile Gumede, usegcotshwe njengelungu leANC esishayamthetho sesifundazwe.

Lokhu kuza nje unoxhaxha lwamacala enkohlakalo abhekene nawo angakaqulwa enkantolo.

Usolwa ngokunikezela ngamatender okuqoqa imfucuza kulabo abasondelene naye ngesikhathi esayimeya yeTheku.

UGumede efunga ukuba ilungu lesishayamthetho elithembekile usebeke kanje.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

Khonamanjalo uGumede usethembise ukuthi uzokwethembeka esikhundleni sakhe esisha njengelungu le ANC esishayamthetho sesifundazwe.

Ukugcotshwa kwakhe kuthuse abaningi ezinkundleni zokuxhumana njengoba esazungezwe yizinsolo zenkohlakalo nokuyizo ezinye zezizathu ezaholela ekutheni akhishwe esikhundleni sikaMeya weTheku.

uGumede uthi ujabule kakhulu ukuqokelwa kulesisikhundla ngenyanga yabantu besifazane.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Sanelisiwe Dlangamandla


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background