UZikalala unxusa intsha ukuba izivikele

Written by on 17 June, 2020

Undunankulu wakulesfundazwe, uSihle Zikalala, uthi abantu abasha kufanele bazithande bazinakekele baphinde futhi bazivikele nasezifeni eziyingozi njenge HIV.

UZikalala usho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokubungaza usuku lwabasha eMayville eThekwini.

Uthi intsha ikakhulukazi amantombazane kufanele izibheke futhi izigade ingazitholi isilandelana nama-blesser.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

khonamanjalo undunankulu uphinde wanxusa amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane ukulwa neshlava sokuhlukunyezwa kanye nokubulawa kwabantu besifazane kulesfundazwe kanye nakuzwelonke.

UZikalala usho kanjena njengoba zanda izigameko zokubulawa kwabantu besfazane kuzwelonke.

Uqhuba ngokuthi kuwumsebenzi wawo wonke umuntu wesilisa ukuqinisekisa ukuthi abantu besfazane bayavikelwa futhi bayahlonishwa.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By:Bongani Gina


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background