UZikalala Uthi Lizoqala Phansi Icala LikaMeyiwa

Written by on 4 July, 2023

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi ukuqokwa kwejaji elisha ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa kusho ukuthi lelicala lizoqalwaphansi.

Izolo umengameli wamajaji eGoli uveze ukuthi uJaji uRatha Mokgoatheng nguye osezohola ukulalelwa kwalelicala eselinesikhathi eside laqala ukuqulwa.

Lelicala phambilini belilalelwe yijaji uTshifhiwa Maumela okumanje umisiwe emsebenzi, emva kokusolwa ngokungaqedi ngesikhathi amanye amacala asuke ewalalele ngesikhathi asuke ebekelwe sona.

UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ngo-2014 esemzini wesinqandamathe sakhe uKelly Khumalo.

Bahlanu ke abasolwa abasesitokisini ngezinsolo zokubulala lesisihlabani esasingunozinti weBafana Bafana kanye neOrlando Pirates.

UZikalala uthi noma lelicala lizoqalwa phansi kodwa ijaji elisha lizokhetha ukuthi yikuphi lapho elifuna ukuqonda kahle khona.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background