UZikalala uthi sizoqina isandla ekuqinisekiseni imithetho ye-lockdown

Written by on 20 April, 2020

Undunankulu wakulesfundazwe, uSihle Zikalala, uthi kuyakhathaza ukubona abantu beqhubeka nempilo yabo bengayilandeli imithetho ebekiwe yokugwema ukubhebhetheka kwe Covid-19.

Ekhuluma nabezindaba eThekwini eMayville, Zikalala uthi iTheku lihamba phambili ngezibalo zaleligciwane ezihleli ku-383.

Uthi kuzosabalaliswa amaphoyisa kamasipala, u-SAPS kanye nombutho wamashosha ukuqinisekise ukuthi abantu abayithathi kancane imigomo ebekiwe uhulumeni.

“Abantu bayaqhubeka nokuzihlanganela emakhoneni noma imaphi kanti nasezindaweni ezisemadolobhemi uyabona ukuthi lento yokuthi kubekhona ukuqhelelana abantu bayibukela phansi. Yingakho sithi sizoqinisa kakhulu kumthetho. Kunezindawo esizozivala thanqa ukuze sikwazi ukuSkrina siphinde sihlole abantu ukuze siqinisekise ukuthi laba abanalesifo bayalekeleleka ngokushesha ngokuthi bathathwe babekwe endaweni eyiyo. Sizohlola nasemalokishini ukuthi abantu bayayilandela lemigomo ebekiwe uhulumeni.”

Khonamanjalo, imfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu ikhala ngeningi labasebenzi ababhekene nokulahlekelwa imisebenzi enkampanini yamabhanoyi kwaSAA.

ICosatu ikusho lokhu njengoba kungacaci ngekusasa lakwa SAA kanye nabasebenzi bakhona njengoba, uPravin Gordhan, ophethe amabhinizi kahulumeni esichithile isicelo sokutakulwa ngo 10 billion wamarandi.

Okhulumela iCosatu kulesfundazwe, uEdwin Mkhize, uthi bagxeka uhulumeni kakhulu ngokuhluleka ukuthatha izinyathelo ezifanele ekuqedeni ngenkohlakalo kulenkampani.

“Siphoxeke kakhulu siyiCosatu ukuthi uhulumeni kanye nephalamende bahlulekile ukuvikela abasebenzi bavumela inkohlakalo. Lenkohlakalo yakaSAA kade yabikwa. Sizobhekana nalenkinga ngoba ngeke sivumele ukuthi abantu balahlekelwe umsebenzi.”


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background