uZikalala Uthi Umnotho Ukwezolimo

Written by on 11 November, 2020

By: Zilungile Mkhize

UNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala uthi kubalulekile ukuthi abantu bangene bagxile kwezolimo, ngoba mningi umnotho abangawuthola ngokusebenzisa izandla zabo.

uZikalala usehambele isifunda iLembe enyakatho yeTheku, lapho ethule khona ngokusemthethweni uhlelo lokulima lwasehlobo, iDistrict 2020 Multi-Planting Season.

Uthi ziningi izinhlelo uhulumeni anazo zokulekelela abalimi abafufusa, ngokutshala bondle imindeni yabo kanjalo nokudayisa izivuno zabo benze inzuzo, bathuthukise nomnotho wendawo.

uZikalala uthi lesi yisikhathi sokuthi wonke umuntu abuyele emasisweni.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background