UZikalala Uzofaka Isandla Kwabanqatshelwe Induna Ukugcwaba Ilunga Lomndeni

Written by on 17 August, 2022

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wakwa-Cogta esifundazweni saKwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi umndeni wakwaMkhungo owanqatshelwa ukuba ungcwabe ilunga lomndeni ngoba ungenawo umuzi eMzumbe, bazowusiza ngokungcwaba baphinde bakhelwe nomuzi.

Lomndeni wabhekana nenkinga emvakokuba induna yesigodi yanqaba utkuthi bafihle ilunga lawo, ngenxa yokuthi kabanamuzi othi bona kodwa baqashile, kuze wadingeka ukuthi lomndeni uphindisele isidumbu emoshali.

UZikalala uthi uhlanganile nobuholi bendabuko ngaloludaba, ukuthola umongo kanti bazowusiza lomndeni ngamalungiselelo omgcwabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Sixolise ngomsindo ongemuhle kahle.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background