Uzobhadla Ejele Owasoconga Umndeni eSobantu
Written by Mfundo on 12 July, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Usewavume wonke amacala abhekene nawo umlisa oneminyaka engu 29 owabulala isaguga, indodakazi nomzukulu endaweni yase Sobantu ePietermaritzburg enkabeni yeKwaZulu-Natal .
UNjabulo Ndlovu uvuse umunyu nezinyembezi emndenini ngesikhathi ummeli wakhe echaza ukuthi laba abathathu wababulala kanjani futhi wamudlwengula umzukulu uZenande Ndlela.
UNdlovu ulahlwe yiwo wonke amacala abhekene nawo okungamacala amathathu okubulala laba abathathu kanye nokudlwengula ngokuphindela uZenande.
UNgqongqoshe wokuThuthukiswa KoMphakathi uNonhlanhla Khoza usekushayele ihlombe ukuvuma kuka Ndlovu amacala.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.